Quantcast
Channel: inkanyiso.org » Lies
Viewing all articles
Browse latest Browse all 3

2015 Aug. 21: Bagwetshiwe abasolwa ngokudlwengula

$
0
0

by Londeka Dlamini

BAVELE enkantolo ephakeme e-Port Elizabeth ngo Lwesine abalisa abane abasolwa ngokudlwengula owasifazane ngenxa yobulili bakhe (Corrective Rape).

Owesifazane oneminyaka engamashumi amathathu nanye (31) esiligodlile igama lakhe wadlwengulwa, wahlukunyezwa ngesihluku wabelwa nempahla yakhe zingu 29 ku Masingana (January) onyakeni ka 2012 endaweni ya-KwaZakhele, emgwaqeni uNosidima ezintathakusa eqhamuka endaweni yokucima ukoma.

accused standing1

USonwabo Ngcete (22), Khuselo Manta (24), Siyamthanda Ndiza (21) kanye no Siyabonga Mhlangu (21) batholakale benecala lokuhlukumeza bobane bagwetshwa iminyaka emihlanu.

UMhlangu uphinde wagwetshwa unyaka owodwa ecaleni lokweba kanti UNgcete kanye no Manta bazodonsa iminyaka engamashumi amabili (20 Years) njengoba betholakale benecala lokudlwengula.

U-Jugde Mandela Makaula phambi kokuba athule isigwebo uchaze ukudlwengula njengento engavumelekile emphakathini ephinde yehlise nesthunzi kwabesifazane ababhekene nalesehlo.

”Ukudlwengula umuntu kufana nokumphuca ukuzethemba kwakhe, kuyisenzo esibi esingahlukumezi kuphela umenziwa kodwa kuya nasemphakathini wonkana ngoba abesifazane bazizwa bengaphephile emphakathini,” kuchaza uMakaula.

Accused3

                  Abalisa abagwetshelwe ukudlwengula, ukuhlukumeza kanye nokweba                                 (Photos by Londeka Dlamini)

Uqhube wathi labalisa bebefanelwe udilika jele ngesenzo sabo kodwa ngenxa yeminyaka yabo basengalungiswa babuyele emphakathini bengabantu abancono.

Ngenkathi liqhubeka icala omunye wofakazi walandisa inkantolo ukuthi labadlwenguli khathi benza lesenzo kulona wesifazane bathi ‘Sifuna ukukukhombisa ukuthi awuyona indoda, ungumuntu wesifazane’.

Nabanye ofakazi baqinisekisile ukuthi endaweni waziwa njengo ”Tomboy” lona owehlelwa umshophi.

Kanti labenzi bobubi bebeliphika kwaze kwasekupheleni icala, omunye wabo echazela inkantolo wathi zange yena edlwengule kodwa bebethandana nalona wesifazane.

Ucwaningo lodokotela lwaveza ukuthi labalisa bobabili bayile ocansini nalona wesifazane, (Both their DNA were found).

Abomndeni walowesifazane bathi akumnandi kubona, bathi ngokwabo sincane isigwebo labalisa bekumele bathweswe necala lokuzama ukubulala ngoba indlela ayeshawe ngayo ummangali wacishe wafa, evuvukele ubuso bonke wahlala amasonto amabili esibhedlela kungozi makhaza.

Umalumekazi kammangali ubebhodla umlilo sekuphunywa enkantolo ezwakalisa ukungeneliseki kwabo,

”Umthetho wasezweni lethu uyafana nengcindezelo, labalisa bazohlala isikhathi esincane ejele baphume bacishe bayibulala ingane yomfowethu.

Ngizwa ubuhlungu indlela abantu abanonya ngakhona, babengaze bamdlwengule na ngenxa yokuthi uthanda amanye amantombazane, kanti iphi le nkululeko okukhulunywa ngayo,” kuchaza umalumekazi.

Lona wesifazane uhlala abe nekhanda eliqaqambayo ngenxa yokushayeka kakhulu ekhanda.

 

Related article

 

2015 July 31:  Lihle Sokhela’s killer shows no remorse

 

and

 

Previous link

 

2015 Feb. 13:  Abalisa abane basolwa ngokudlwengula nokukhuthuza

 

 

 

 

 

 

 

 



Viewing all articles
Browse latest Browse all 3

Latest Images

Trending Articles





Latest Images